KUKHONA NO SIMELANE KWABAZOZAMA UMSEBENZI WE NDPP


Kuzoqala inhlolokhono yabazovala isikhala sikaNational Director of Public Prosecution (NDPP). Asekhona amagama abayisithupha abazongenela inhlolokhono asebehlungiwe. 

Kuzokhumbuleka ukuthi owengamele lesi sikhundla njengamanje u-Adv Shamila Batohi iyaphela inkontileka yakhe ngoJanuary 2026.

Kulabo abangenelile kulenhlolokhono kubalwa nalowo oke wasibamba lesi sikhundla u-Adv Menzi Simelane, Andrea Johnson, Xolisile Khanyile, Hermione Cronje,  Nicolette Bell no-Adrian Carl.