KUKHONA NEZIKHULU EMNGCWABENI WOMDLALI WE BAFANA BAFANA


LINDOKUHLE NGCOBO 

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko eWestern Cape, uMnuz Ricardo Mackenzie, uchaze obegumdlali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns FC, uJayden Adams, njengeqhawe laseStellenbosch emngcwabeni wakhe(Adams) oqhubeka eCoatzenburg Sports Grounds, eStellenbosch namhlanje.


Lo mngcwabo uhanjelwe uMengameli weCAF uDkt Patrice Motsepe, uMengameli SAFA uDkt Danny Jordaan, uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko kuzwelonke uMnuz uGayton McKenzie, uSihlalo weSundowns uMnuz uTlhopane Motsepe nabathandi bebhola.

Ekhuluma kulo mngcwabo, uMackenzie uveze ukuthi u-Adams ube yisibonelo esihle kakhulu entsheni yaseWestern Cape naseNingizimu Afrika yonke.

"UJayden Adams ubengagcini ngokuba ngumdlali webhola lezinyawo kodwa ubeyingqayizivele eStellenbosch esenze sonke sasebenza ngokuziqhenya. Ube yiqhawe laseStellenbosch elisikhombisile ukuthi noma uvelaphi, uma uzikhandla ungafinyelela phezulu emhlabeni. Ukufa kwakhe kushiya kubuhlungu obukhulu emkhakheni webhola lezinyawo," kusho uMnuz Mackenzie.

U-Adams odlule emhlabeni mhlaka 11 July 2026, uqale ukudlala kwiStellenbosch FC ngonyaka ka-2020, ubesanda kudlala kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 (FIFA World Cup), lapho asize khona iBafana ukuba ifinyelele okokuqala emlandweni kumkhumulajezi walo mqhudelwano. Uphinde (Adams) waba yingxenye yeqembu leSundowns elinqobe iCAF Champions League ngoMay, kanti wayekhona ngesikhathi iBafana inqoba indondo yethusi kwi-AFCON 2024.