KUKHONA ABATHATHWE AMAPHOYISA NGOKUBULAWA KUKA DJ WARRAS
Sekukhona abathathwe amaphoyisa ngokubulawa kukaDJ Warras. Inhloso yokuthathwa kwabo ukuthi bayohlonywa ngemibuzo okumayelana nokubulawa kuka Warras.
Kodwa lokhu akusho ukuthi sebenecala kodwa kuzozwakala lapho ukuthi bayathinteka ekufeni kwa Warras noma cha.
UWarras ubulawe ngoLwesibili, ubenenkampani yabaqaphi. Ubephinde abe umuntu ongahambisani nokuthathwa kwamabhilidi ngodli.
Udutshulwe wafa ngaseCarlton Centre, eGoli.
Khonamanjalo i-ANC isikhiphe isitatimende esigxeka ukubulawa kuka Warras nokuthi abenzi bobubi kungakuhle babanjwe baboshwe.
Okwamanje bekungakocaci ukuthi ufihlwa nini kanti nenkonzo yesikhumbuzo inini kuphi.
UWarras ungowase Vryheid, KwaZulu Natal. Uzakhele udumo ngokuba kwithelevishini nokusebenzela imisakazo ehlukene.