KUKHALWA NGE AD HOC COMMITTEE EHLULEKA UKWENZA UMSEBENZI


Sizwe Blose 

Sekunabantu abathemba kakhulu iMadlanga Commission kune Ad Hoc Committee.

Ezinkundleni zokuxhumana iningi labantu likhala ngokuthi, kwiMadlanga Commission kubuzwa imibuzo yangengempela, ngaphandle kokuchema kanti oCommissioner abathathu bayakhombisa ukuthi bazihluphile nangolwazi nezinto ebezenziwa yilowo osuke ezohlonywa imibuzo.

Ngakwelinye uhlangothi amalungu e-Ad Hoc Committee agqamisa indelelo, aphinde aveze ukuthi aphusha izinhloso zawo zamaqembu epolitiki, awamele. Lokhu kucaca bha uma uwalalele lamalungu. Amanye awo awabuzi ngoba ebuza kodwa asuke enzela ukubonakala kwithelevishi. 

Amanye amalungu awalubhadi uma kuvela labo asondelene nabo.

Ekugcineni kuvela umbuzo wokuthi kungani pho kumoshwa izimali ngaleli komiti.

NgoLwesithathu amehlo azobe ethe njo kwiMadlanga Commission njengoba kuvela iPhini likaNatinal Commissioner, uLt-General Shadrack Sibiya, obaleka ezintweni eziningi ezingahambi kahle emaphoyiseni.