KUKHALWA NGABOKUFIKA ENINGIZIMU AFRIKA
IQEMBU i-ActionSA eThekwini selifake isiphakamiso kuMasipala weTheku, mayelana nodaba lwabantu bokufika, abakuleli ngokungekho emthethweni.
USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal(KZN), ohola amakhansela aleli qembu eThekwini, uKhansela Zwakele Mncwango uthi kuningi ukukhala okukhona emphakathini waseThekwini ngomthelela wabantu bokufika, abakhona kuleli ngokungekho emthethweni. Wathi kukhona nokukhalaza ukuthi uhulumeni noMasipala weTheku badonsa izinyawo ekulungiseni lolu daba.
"Sibonile izinhlaka ezifana neMarch and March ne-Operation Dudula, bengena emgwaqeni beyokhalaza ngezimo ezikhona ezidalwa abantu bokufika abangenazo imvumo. Sibona abaholi bedonsa izinyawo uma belalele izikhalo noma bezomukela izikhalo. Ingakho njenge-ActionSA sicela ukuthi kube khona ukuhlangana kwabantu abathintekayo okubalwa, uMnyango wezaseKhaya, amaphoyisa, abaqaphe imingcele, osopolitiki, osomabhizinisi, abaholi beNdabuko, March and March ne-Operation Dudula," kubeka uMncwango.
Lesi siphakamiso kulindeleke ukuthi sivotelwe kusasa, emhlanganweni wamakhansela e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.