KUHLUKENE IMIBONO NGENKONTILEKA KA MKHWANAZI
Sizwe Blose
Konke sekusele kuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngodaba lokuvuselelwa kwenkontileka kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi.
Kulindeleke ukuthi iphele inkontileka kaMkhwsnazi ngoMarch. Konke kulele kumengameli ukuthi usamdinga noma uyamchitha yini.
Undunankulu wesifundazwe uThamsanqa Ntuli usekubeke kwacaca ukuthi usamdinga uMkhwanazi njengoba ekholelwa ekutheni wenze umsebenzi omuhle selokhu athatha lesi sikhundla.
INews Avenue iphumele ngaphandle yabuza abantu ngoMkhwanazi. UCindy Mtolo (31) waseMontclair uthe yena uwubonile umsebenzi kaMkhwanazi "Behlile ubugebengu ngabe siyanyatsa uma singathi asiwubonanga umsebenzi kaKhomishana," kubeka uMtolo
UThabani Dlamini (44) waseMlazi uthe, umengameli ngabe wenza elikhulu iphutha uma engayivuseleli inkontileka kaMkhwanazi," kusho uDlamini.
USbu Mdluli (25) wakwaNongoma kodwa ngokuhlala oseThekwini, naye uthe akabuye uMkhwanazi ngoba uyazigijimisa izigebengu," kusho uMdluli.
UThembi Dubazane (43) waseNtuzuma uthe, akali ukuthi uMkhwanazi usebenzile kodwa waveza ukuthi lelizwe linomthetho. Uma amaphoyisa elwa nobugebengu, kumele abophe, abantu bavele enkantolo bagwetshwe ngoba savalwa isigwebo sentambo.
USbongile Mngadi (37) umncome kakhulu uMkhwanazi kodwa wakhala ngokuthi uhlulekile ukubopha laba bantu ababizwa ngoMastermind. Uthe ubugebengu nokubulawa kwabantu kusazoqhubeka uma bengakobanjwa oMastermind.
USfiso Ndebele (28) uthe uMkhwanazi uhluleke wancama ukunciphisa izibhamu ezigcwele kulesi sifundazwe, wakhala ngokuthi kunabantu abagadwa ngezibhamu ezinkulu, ezingaziwa nanokuthi zisemthethweni yini kumbe sezibulale abantu abangaki.