KUHLOLWE ISIPHEHLI SAMANZI AZODEDELWA NGENYANGA EZAYO
KULINDELEKE ukuthi adedelwe ngenyanga ezayo(June) amanzi asuka eMvoti Water Treatment Works. Lokhu kuvezwe iPhini likaMeya kuMasipala wesiFunda Ilembe uKhansela James van Whye, namuhla ngesikhathi kuyohlolwa umsebenzi wokulungisa kabusha lesi siphehlimanzi KwaDukuza.
Lesi siphehlimanzi esilungiswa ngesabalomali esingu
R52 million, sacekeleka phansi ngenxa yezikhukhula zangonyaka ka-2021.
Ekhuluma uWhye udalule ukuthi ingaphezulu kuka 50 000 imindeni ezosizakala uma sekudedelwe amanzi.
"Emasotweni amabili silindele ukuthi amanzi abe esengena kwisigcinamanzi esikhulu. Lapho okungena amanzi asehlanziwe. Uma esuka lapho azobe eseya emphakathini," kusho uMeya obephelezelwe uSomlomo kaMasipala uKhansela Dolly Shandu.
Njengamanje lesi siphehlimanzi sisalungiswa ngaphansi kwesigaba sokuqala. Kulindeleke ukuthi ngoJuly 2026 kuqale isigabe sesibili.