KUHLEHLELE ULWESITHATHU UKUHLALA KUKA MATLALA KWI AD HOC COMMITTEE
Usihlalo we-Ad Hoc Committee, uSoviet Lekganyana uthi konke sekumi ngomumo ngokuhlala kwaleli komiti noVusumuzi Cat Matlala okubhekwe ngabovu.
Abaningi bebecabanga ukuthi ukulalelwa kobufakazi bukaMatlala kuzoba namhlanje kodwa kubuye kwahlehliselwa uLwesithathu (kusasa).
Inhloso yaleli komiti ukuthola kahle ngenkohlakalo eyenzeka emaphoyiseni.
Lokhu kulandela inkulumo eyenziwa uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 6. Ngalolu suku kwacaca bha ukuthi inkohlakalo idla lubi emaphoyiseni kanti futhi inuka phu.
ULekganyana uthe konke sekumi ngomumo, leli komiti lizokube liqala ukuyohlalisa isigcawu salo ejele, njengoba beya eKgosi Mampuru. Kuzokhumbuleka ukuthi uMatlala uboshelwe kuleli jele ngokuzama ukubulala isinqandamathe sakhe. Usihlalo wekomidi ubonge iziphathi mandla zejele ngokusebenzisana okuhle nekomiti lakhe.