KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS


LINDOKUHLE NGCOBO 

Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli izolo. Amagoli amasandawana ashawe ngu-Iqraam Rayners no-Antonio van Wyk.

Uthe iMilford idlala ibhola elisezingeni eliphezulu, yashaya i-Orlando Pirates FC kwiNedbank Cup ngesizini edlule endleleni yayo eya kowamanqamu.

" Yaqeda(Milford FC) endaweni yokuqala esigabeni seMotsepe Foundation Championship. Ngakho kunzima ukubhekana nayo," kusho uCardoso.

Okususe umsindo ukuthi Amabhakabhaka akazange eshawe iThe Stallion. Empeleni iPirates yashawa yiCasric Stars (eseyaziwa ngeReal Native) kumncintiswano weNedbank Cup owedlule.

I-Milford yona yaqeda umkhankaso wayo weNedbank ishawa yiTS Galaxy FC kowandulela owamanqamu futhi ayizange inqobe isigaba sesibili yanyukela kuBetway Premiership ngemidlalo yama-Play-offs.

Abalandeli bamaBhakabhaka ku-X nakuFacebook baveze ukungenami kwabo, bethi uCardoso ukhuluma izinto azigwajile ngenxa yokukhathazeka ngokweqile ngePirates.