KUGWETSHWE ABAZAMA UKUBULALA IPHOYISA
LINDOKUHLE NGCOBO
BAGWETSHWE iminyaka eyishumi umuntu ngamunye abesilisa abathathu, ngecala lokuzama ukubulala iphoyisa lingekho emsebenzini.
UNdabezinhle Mvune(29), Simiso Mthimkhulu(47) noMthamsanqa Msabala(29) bagwetshwe inkantolo yaseThekwini izolo. Kulandela ukuthi le nkantolo ibathole(Mvune, Mthimkhulu noMsabala) benecala lokuzama ukubulala ukaputeni Gysbert Johannes Grotius.
Abamangalelwa baboshwa uphiko loKlebe ngokubambisana nophiko oluphenya ngamacala abucayi eThekwini, ngo-April 2022
Kulandela isigameko esenzeka ngomhlaka 29 August 2021 ngesikhathi ukaputeni Grotius ehamba emgwaqeni eCato Crest, eManzimtoti lapho abona itekisi esolisayo enabantu abathathu phakathi.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthi umgilwa wasondela etekisini wabuza ukuthi kungabe lukhona yini usizo abaludingayo. Uveza ukuthi ngesikhathi kusaqhubeka inkulumo, omunye wabamangalelwa washaya uGrotius ngekani likabhiya.
"UKaputeni wacosha ikani walijikijela etekisini. Abamangalelwa abathathu babe sebemshaya(Grotius) bamlimaza kabi. Omunye wabamangalelwa wasebenzisa i-ayina ukushaya uGratius. Lokhu kwaholela ekutheni alimale kabi ekhanda, wopha, waphuka iminwe wagcwala amanxeba ebusweni nasemzimbeni," esho.
Ephetha uthe abamangalelwa bavela kaningi eNkantolo kwaze kwaba usuku lwangomhlaka 29 May 2025, lapho betholakale benecala lokuzama ukubulala.