KUGUQUKA UHLELO LWEYEZIBONELELO


LINDOKUHLE NGCOBO 

ISIKHUNGO esibhekene nezibonelelo zikahulumeni, iSASSA, sihlela ukuguqula indlela yokukhokha isibonelelo sezingane ngokwethula uhlelo olusha lwamavawusha, oluzoqondisa imali ezidingweni zezingane kuphela.

Lolu hlelo lenzelwa ukugwema ukusetshenziswa budedengu kwemali yesibonelelo sezingane, njengokuthenga utshwala nokugembula. Lolu hlelo kubhekwe ukuba lenze isiqiniseko sokuthi imali isebenza ezidingweni zezingane kuphela. Okubalwa ukuthenga ukudla, izimpahla zesikole nezinye izidingo ezibalulekile. Lokhu kuza ngemuva kwezikhalazo zokuthi imali eningi iphelela ekuthengweni kotshwala noma ekugembuleni, okushiya izingane zibhekene nendlala.

Lokhu kusho ukuthi imali ngeke isaphuma njengokheshi kodwa izoguqulwa ibeyivawusha yokuthenga ezitolo ezikhethiwe. Uhlelo luzosebenza ezitolo ezinkulu ezifana neBoxer, Shoprite neSpar.