KUGQABUKE IGODA KU SGQEMEZA NO KHOZI FM


Zibhekwe ngabovu izinguquko zoKhozi FM njengoba kuqala unyaka omusha ngo April 1 kwaSabc.

Okuvelayo njengamanje ukuthi uMfu Sipho Mbatha odume ngelika Sgqemeza akayivuselelanga inkontileka yakhe njengoba ebengena ekuseni.

Kuphinde kuvele ukuthi uLucky Nkosi owenza uhlelo lwangeSonto naye akabuyi.

Kuvela nokuthi uDudu Khoza usezongena kathathu ngesonto, okuchaza ukuthi kunezinsuku angeke esazisebenza.

Uhlelo lwantambama olwenziwa uTshatha Ngobe kuthiwa lusazoqhubeka.
Kanti nolukaNkosinathi Mshengu luzoqhubeka, futhi angase ashayele olunye lomculo ngamaSonto. Okungaqinisekisiwe ukuthi umethuli wezemidlalo uMhlonishwa Sibisi uyashiya noma cha.
UVee Mthembu we Jozi FM naye ukhonjwa ohlelweni lwasekuseni kuKhozi FM.

USphongo Dladla ongumdidiyeli naye ayivuselelwanga inkontileka yakhe.

Imizamo News Avenue yokuthola ukuphawula kweSabc ayiphumelelanga.