KUFUNWA UMSHAYELI ODALE INGOZI WABALEKA



LINDOKUHLE NGCOBO 

KUTHUNGATHWA umshayeli wetekisi odale ingozi maqede wabaleka. Le ngozi yenzeke emgwaqweni uR34  phakathi kweMpangeni neShowe namuhla.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma usegxeke isenzo salo mshayeli sokubaleka endaweni yesigameko, ukushayela budedengu nokushayela ephuze utshwala.

"Lesi senzo sifake engcupheni izimpilo zabagibeli abaphakathi kwabangu-9 kuya kwabangu-14. Ngokomthetho kuwubugebengu ukubaleka endaweni yengozi obandakanyeka kuyo. Lento eyenziwa ilo mshayeli iyafana nokushayisa umuntu umbulale maqede ubaleke," kusho uDuma.

Ngokusho kukaDuma, umshayeli waleli tekisi ebelisuka eMpangeni libheke eMasangweni,  belizama ukusika imoto iFord Ranger lase lishayisa(Ford Ranger) ngemuva. Lokhu kuholele ekutheni izimoto ezimbili  ziphume ngaphandle komgwaqo. 

Ephetha uNgqongqoshe uveze ukuthi  lo mshayeli angase athola isigwebo sezinyanga ezingu-9 noma ehlawuliswe imali engu-R180 000.