KUFUNWA OWESILISA OLAHLEKILE ETHEKWINI



KUTHUNGATHWA umkhondo wowesilisa oneminyaka engu-42 ubudala, ongaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.

UZanovuyo Ndzungwana  wagcina ukubonakala emgwaqeni uSylvester Ntuli, eThekwini  ngomhlaka 28 June 2025.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uConstable Thenjiswa Ngcobo, uNdzungwana wanyamalala ngemuva kokubonakala egibele imoto engaziwa, egqoke impahla ebomvu  nesikibha esimnyama.

"Sicela kumalungu omphakathi angabanolwazi mayelana nendawo okungatholakala kuyo uNdzungwana, axhumane  nomphenyi uSergeant  Ngcobo ku-031 365 7400 noma kunombolo yokuvimba ubugebengu ethi 08600 10111," esho.