KUFUNWA OWESILISA OLAHLEKILE ETHEKWINI
KUTHUNGATHWA umkhondo wowesilisa oneminyaka engu-42 ubudala, ongaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.
UZanovuyo Ndzungwana wagcina ukubonakala emgwaqeni uSylvester Ntuli, eThekwini ngomhlaka 28 June 2025.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uConstable Thenjiswa Ngcobo, uNdzungwana wanyamalala ngemuva kokubonakala egibele imoto engaziwa, egqoke impahla ebomvu nesikibha esimnyama.
"Sicela kumalungu omphakathi angabanolwazi mayelana nendawo okungatholakala kuyo uNdzungwana, axhumane nomphenyi uSergeant Ngcobo ku-031 365 7400 noma kunombolo yokuvimba ubugebengu ethi 08600 10111," esho.