KUFUNWA ABESIFAZANE ABANYAMALELE
AMAPHOYISA aseFree State anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungasiza kutholakale abesifazane ababili abadukile.
UNksz Masentle Mosa Maleho(25) nodadewabo uNksz Magnolia Masego Maleho(27) bahamba ekhaya mhlaka 18 December 2025, ngemuva komhlangano womndeni.
Kuvela ukuthi umndeni uzame kaningi ukufonela laba besifazane kodwa abatholakali ocingweni. Abomthetho bathole umkhondo wokuthi laba besifazane babonakale endaweni yaseKroonstad, eGoli.
Amaphoyisa acela ongabanolwazi olungasiza kutholakale uMasentle noMasego, athinte uCaptain Jean Marais kunombolo ethi 082 779 8868 noma ku-08600 10111.