KUFUNWA ABASOLWA ABABILI NGELOKUBAMBA INKUNZI ENEWLANDS WEST
AMAPHOYISA athungatha abasolwa ababili ngecala lokubamba inkunzi umnikazi wethaveni eseHoneyrich, eNewslands West izolo, ebusuku.
Leli cala seliholele ekutheni amaphoyisa adubule abulale abasolwa abathathu khona eNewslands West. Kuvela ukuthi umgilwa ubesavalile, esekhiya ngesikhathi ehlaselwa ngabesilisa abahlanu bemkhomba ngesibhamu. Nokuyilapho abasolwa bethathe omakhalekhukhwini, utshwala nesamba semali esingadalulwanga maqede babaleka ngemoto yohlobo lweToyota Etios emhlophe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza ukuqinisekisile ukubulawa kwabasolwa abathathu. Wadalula ukuthi abasidlodlo basathungatha abasolwa ababili ababaleke ngezinyawo.
"Abasolwa banqabile ukuma ngesikhathi bemiswa ngamaphoyisa. Imoto yabasolwa ibe isigijima kakhulu ibalekela amaphoyisa. Amaphoyisa abe eseyijaha imoto yabasolwa, kuthe emva
kwesikhashana, abasolwa bama baphuma emotweni baphuma badubula bebhekise emaphoyiseni," kuchaza uMagwaza.
"Amaphoyisa ngokuvikela izimpilo zawo adubulile abhekise kubasolwa. Lapho khona kubulawe abasolwa abathathu basale enkundleni. Amaphoyisa athole isibhamu esincane, omakhalekhukhwini, amabhodlela katshwala ahlukane nemali," kubeka uMagwaza.
Wathi kuvulwe icala lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe, ukuzama ukubulala amaphoyisa nokuba nesibhamu esingekho emthethweni.