KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA
SIZWE BLOSE
Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela esibhedlela, nokusho ukuthi bangu 11 abantu asebefile ngenxa yalukho kudutshulwa.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe njengamanje amaphoyisa asaphenya, okwamanje athole amabhodlela otshwala endaweni yesigameko.
"Kuphinde kusolakale ukuthi kunamaqembu ezigebengu," kuchaza Netshiunda eqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bazotholakala.
Kuphinde kuvele ukuthi lona oshonele esibhedlela kungenzeka ukuthi ubezithwele.
Ngo 1987 kwabulawa abantu abevile ku 11 emzini wakwaNtuli endaweni engaqhelelene nalapho kwenzeke khona lesigameko.
Ngo 2004 kwabulawa abantu abahlanu abathathu nomndeni behlaselwa ngezibhamu