KUFEZEKA IPHUPHO ABAFUNDI BEHLOMULA NGEZINSIZA ZOKUFUNDA


LINDOKUHLE NGCOBO 

INJABULO kuSihlalo weNkungumathe NPO, uMnuz Mthokozi Mchunu kuqala ukufezeka kwephupho le nhlangano yakhe. 

Lokhu kulandela ukuphumelela komcimbi  wokudlulisela ngokusemthethweni ama-laptop angu-269 kubafundi abangaphansi kohlelo lokuqeqeshelwa umsebenzi nokuthola ulwazi namathebhulethi angu-250 kubafundi abenza ibanga leshumi nambili(Grade 12).

Ekhuluma kulo mcimbi eNkungumathe, eNkandla izolo, uMchunu uthe intsha ehlomula kulolu hlelo ivela ezindaweni zaKwaZulu-Natal ezahlukene, ebala isiFunda iKing Cetshwayo, uMzinyathi, Zululand, uThukela, uMkhanyakude, Amajuba neHarry Gwala.

"Sibonga kakhulu nakuhulumeni wethu, ukuthi avule iminyango, abantwana bakwazi ukuthola indawo yokucija amakhono. Sijabule kakhulu siyiNkungumathe ngoba siyakubona lokhu esasikusungulela inhlangano ukuthi kuyafezeka. Okujabulisa kakhulu ukuthi akufezeki ngathi kuphela, kufezeka ngomphakathi, kufezeka ngohulumeni, kufezeka ngabaholi bethu boMdabu njengoba kugcwele Amakhosi azokhombisa ukuthi ayawubona umehluko owenzeka ezindaweni zawo," kuchaza uMchunu. 

Lo mcimbi uhanjelwe iPhini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi nabaSebenzi kuleli uMnuz Jomo Ntuthuko Sibiya.

USibiya uncoma umsebenzi owenziwa uMchunu ukuthuthukisa intsha. 

"Lolu hlelo luzoshintsha ikusasa lentsha, lizoshintsha ikusasa labazali, lizoshintsha indawo yonke. Uma lezi zingane sezifundile, zafunda kahle zinezinsiza zokufunda, kuchaza ukuthi zizoshintsha izimpilo zemindeni yawo," kubeka uSibiya.