KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO
LINDOKUHLE NGCOBO
Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku emgwaqeni u-N2 eduze kwasePark Rynie, e-Umdoni Coast.
Ngokusho koMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal(KZN) oholwa uMnuz Siboniso Duma, ithimba elikhethekile le-RTI lihlanganyele namaphoyisa kazwelonke ukucwaninga ubufakazi bokuhlolwa kwesidumbu, ngenhloso yokuthola imbangela yokusha kwemoto yombuso.
UDuma uchaza umufi njengeqhawe ebelizikhandla futhi ebelihlonishwa ngenxa yokuzipha kahle nokuzinikela emsebenzini. Kulindeleke ukuthi iNhloko yoMnyango uMnuz Zibusiso Dlamini ihole ithimba elizovakashela umndeni wakwaSimpson ePark Rynie namhlanje.