KUFE ABABILI KUSHA IMIJONDOLO


Kusolwa ikhandlela kusha imijondolo kuKennedy Road, eThekwini.
Kuvela ukuthi lomlilo uqale ngezikhathi zabo 12, ezintatha namuhla.

Kuthiwa leli khandlela liqale kweminye yemijondolo ekhona kule ndawo, kukhona usisi nengane encane, okubikwa ukuthi bashe bangqongqa ngenxa yomlilo.

Lomlilo uze wakapakela nakweminye imijondolo eseduze, nayo evele yasha yangqongqa.

Amalungu alomphakathi amaningi asale ngezimpahla abezigqokile. Kunxuswa labo abangalekelela ukuthi beze balule isandla ngoba sibi isimo kuleya ndawo kanti iningi alazi nokuthi lizothathani lihlanganise nani.

Lesi isimo sesithanda ukujwayela kuKennedy Road.Ike yasha imijondolo esikhathini esedlule, lapho kwasolakala ukuxhunywa kwagesi ngendlela okungesiyona lokhu okubizwa ngezinyokanyoka.