KUFE (5) WABASOLWA BEDUBULANA NAMAPHOYISA ENANDA


Amaphoyisa atholane phezulu nabasolwa eNanda, kwaphetha ngokuthi bafe bonke abasolwa.

 Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko.

Uthe besekunesikhathi bethungatha lezi zigila mkhuba. 

"Laba bebesolwa ngokubulala abantu bephinde babaqole. Empeleni bebehlukumeza umphakathi. Amanye amalungu omphakathi asazisile ukuthi bakhona futhi bakuphi," kuchaza uNetshiunda.

Uthe amaphoyisa anikele khona, laba basolwa bavele bavulela ngenhlamvu, aphendulile amaphoyisa, kwafa abahlanu ohlangothini labasolwa. "Amaphoyisa athole izibhamu, ezisazohlolwa ukuthi zike zambandakanyeka yini kobunye ubugebengu. Amaphoyisa asazobheka ezinye izigebengu kule ndawo yaseNanda,"kuphetha uNetshiunda.