KUFE 5 KUSHAYISANA IMOTO ENCANE NE TRUCK
Sekudlule emhlabeni abantu abangu 5 emhlabeni. Laba bantu bafe ngemuva kokushayisana kwezimoto ezimbili. Kushayisane imoto encane yohlobo lwe Hyndai kanye neloli. Lokhu kwenzeke ngase Matikulu, uma sewuya ngase Toll Plaza eseDokodweni. Ngokwemibiko engaqinisekisiwe kufe abesilisa abathathu nabesifazane ababili, abafe ujuqu. Njengamanje beyingakokwaziwa imbangela yengozi. Akwaziwa ukuthi umshayeli weloli wenzenjani. Amaphoyisa asaphenya ngokuholele kulengozi enyantisa igazi.