KUDUTSHULWE KWAFA (9) ETHAVENI
SEKUDUTSHULWE kwabulawa abantu abangu-9, kwalimala abangu-10 endaweni yaseBekkersdal, eWest Rand esifundazweni iGauteng.
Kuvela ukuthi abagilwa bahlaselwe ngesikhathi besendaweni yokucima ukoma, KwaNoxolo namuhla ekuseni.
IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa eGauteng, uFred Kekana usiqinisekisile lesi sigameko, wadalula ukuthi abagilwa abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.
"Abanye abagilwa badutshulwe emgwaqeni oseduze nethaveni. Okwamanje akukacaci ngembangela yalokhu kudutshulwa kwabagilwa," kubeka uKekane.