KUDUKE UMSHAYELI KUSHONA ABANGU-5 KU-N2
LINDOKUHLE NGCOBO
AKAKATHOLAKALI umshayeli weloli likamoba eshayisane nemoto encane kwashona abantu abangu-5. I-News Avenue ibikile ngale ngozi eyenzeke namuhla, emgwaqeni uN2 ngaseMatikulu uma uya ngaseToll Plaza eseDokodweni.
Okwamanje akukaqondakali ukuthi umshayeli ungaphansi kweloli noma ubalekile endaweni okwenzeke kuyo le ngozi.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uveze ukuthi ithimba loMnyango namaphoyisa basendaweni yesigameko ukuphenya ngembangela yale ngozi.
"Okwamanje umbiko esisawutholile, ukuthi iloli lishayise imoto encane layikhipha ngaphandle komgwaqo. Iloli libe seligingqika lagaya imoto yaba izingcezu. Kushone abantu abangu-5 endaweni yesigameko izidumbu zabo sezithathiwe zayiswa amakhazen. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe nezihlobo zayo," kubeka uDuma.