KUDLULE EMHLABENI ABAWU-10 ENGOZINI YEBHASI
LINDOKUHLE NGCOBO
Bayishumi abantu abashonile engozini yebhasi eyenzeke ku-N1, eduze kwaseTrompsburg esifundazweni iFree State. Lokhu kuqinisekiswe uMnyango wezeMpilo eFree State namhlanje, ngemuva kokuhlolisisa isimo
lapho.
Le ngozi yenzeke izolo, emva lwalokho kumenyezelwe ukuthi kushone abantu abayishumi nambili. UMnyango uthi lokhu kudalwe ukuthi ezinye izicucu zemizimba bezibhalwe kabili ngesikhathi kuhlukaniswa abasindile nabashonile kule ngozi.
Ibhasi selikhishiwe emhosheni futhi selibuyuselwe amasondo alo.