KUCHITHWA UMCULI OKHALELA ISITAYELA 'SAKHE' SASEKHANDA




LINDOKUHLE NGCOBO 

SEKUSUKE umsindo  ezinkundleni zokuxhumana kuchithwa isikhalo senkakha yomculo weJazz, Afro-soul and traditional music uSimphiwe Dana. 

Le nkakha eneminyaka engu-45 ubudala iye ekhasini layo lika- Instagram, yaveza ilaka layo, ithi isikhathele umlingisi uNomzamo Mbatha nabomdlalo iShaka iLembe. Ibasola ngokukopela izitayela zayo zasekhanda.  Le nkakha yodumo lwengoma ethi "Ndiredi" ithi okungenani abanikazi balo mdlalo abasho ukuthi ubani obagqugquzele noma ababukele kuye lezi zitayela zasekhanda. Kule mibhalo uDana enameke isithombe sakhe nesikaNomzamo.

Abathandi bezikaqedisizungu bachitha le nkakha, bayisola ngelithi  ifuna ukunakwa ngento engekho. Abanye baze baveza ukuthi umlingisi womdlalo iThe River, uSindi Dlathu naye uyasenza lesi sitayela kungani Dana engakaze akhulume, njengoba usezokhuma manje ngoba nakhu lesi sitayela senziwa kumdlalo iShaka iLembe obukelwa zindimbane zabantu.
Khona abaveza ukuthi le sitayela sidala akusona esikaDana.