KUCELWA UMPHAKATHI ULEKELELE UKUZE KUTHOLAKALE UMSOLWA



AMAPHOYISA KwaZulu-Natal(29) anxusa umphakathi ukuthi usize kutholakale owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala, osolwa ngokuzama ukubulala umshana(9)wakhe (umsolwa). 

Lesi sigameko senzeke endaweni yasePhola eChesterville mhlaka 4 January 2024. Lapho kusolakala ukuthi umsolwa uSiduduzo Mavundla waklinya isisulu ngaphambi kokuthi asigwaze ngommese ebusweni amahlandla amaningi. 

Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshiunda uthi umsolwa washiya umgilwa ehlathini. Wadalula ukuthi emva kwesikhashana isisulu sakwazi umsolwa uSiduduzo wayesehambe nomama ukuphaphama satotobela emgwaqeni oseduze, nokuyilapho sathola khona usizo kwababedlula ngendlela.

 "Bamuphuthumisa emtholampilo. Ngaleso sikhathi  wesisulu ukuyobika emaphoyiseni aseCato Manor ukuthi umfanyana ulahlekile.  Emva kophenyo uSiduduzo waboshwa nokho wathola ibheyili wabe esenyamalala. Incwadi yokuboshwa kwakhe iphume ngoSeptember 2024," kubeka uNetshiunda. 

Kucelwa noma ubani ongabanolwazi ngomkhondo wakhe(UMavundla) ukuba athinte umphenyi wecala uCaptain Ndlovu ku 082 411 5609 noma ashayele inombolo yamahhala yokunqanda ubugebengu okungu-0860010111.