KUCELWA IZAKHAMIZI ZASE THEKWINI UKUTHI ZONGE AMANZI




UMkhandlu weTheku unxusa umphakathi wawo ukuthi wonge amanzi, ikakhulukazi njengoba  sokusondele isikhathi samaholidi okuphela konyaka nabafundi sebezohlala emakhaya uma sebeqede ukubhala.

IMeya yeTheku uKhansela uCyril Xaba uthi makuphele ukuxhunywa kwamanzi okungekho emthethweni.

"Kudala ukulimala kwengqalasizinda okungaholela ekwenyukeni kwamanani akhokhelwa amanzi ukuze uMasipala akwazi ukulungisa lowo monakalo. Kubeka engcupheni impilo yabantu nempahla uma kwenzeka amapayipi eqhuma,”kubeka uMeya uXaba.