KUCELWA ABAFUNDI BABE SESIKOLENI NGESIKHATHI SOKUFUNDA


KUCELWA abazali baqinisekise ukuthi izingane ziba sesikoleni ngesikhathi sokufunda nokufundisa. Lesi sicelo sikhishwe  amaphoyisa kaMasipala weTheku, aveze ukukhathazeka ngokwanda kwesibalo sabafundi abalova ezikoleni, batholakale bezulazula  phambi kolwandle (Beach Front), eThekwini ngesikhathi sokufunda nokufundisa. 

Namuhla abomthetho bathole abafundi bamantombazane ababili abeminyaka engu 14 ubudala, behamba begqoke umfaniswano wesikole.  Lesi sehlo silandela esenzeke ngoLwesihlanu lapho kutholakale abanye abafundi bamantombazane ababili abeminyaka engu 14 ubudala.  Amaphoyisa athathe abafundi abalovayo abayisa ezikoleni zabo.

"Sinokukhathazeka okukhulu ngokuphepha kwabafundi, njengoba sihlale siqaphe izikole ukulwa nalolu hlobo lokulova," ngokusho kwesitatimende samaphoyisa eTheku.