KUBUYE ITHEMBA KONDLUNKULU BENOMHLANGANO NOMASIPALA
LINDOKUHLE NGCOBO
KULINDELEKE ukuthi uthele izithelo ezinhle umhlangano obuphakathi koNdlunkulu baMakhosi aseNkandla noMasipala waseNkandla oholwa uMeya uKhansela Nonhlanhla Nzuza.
Ekhuluma kulo mhlangano e-Aloe Lifestyle Hotel, eShowe izolo uNdlunkulu uSizakele MaSithole Biyela eMahlayizeni, uveze ukuthi phambili bake bahlangana bengoNdlunkulu babanekomidi elenza uhlelo lokuqala ibhizinisi kepha ngenxa yokuswela uxhaso bagcine bephelelwe amandla.
"Namhlanje liyabuya lelo themba ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Sekusele kithi boNdlunkulu ukuthi sizihlele ngendlela efanele. Usebekile uMeya (Ukhansela Nzuza) ukuthi ufisa nathi sithuthuke, uma sesithuthukile nathi nemiphakathi yethu ithuthuke," kubeka uNdlunkulu Biyela.
UMeya waseNkandla uthe ujabula ngoba kunoNdlunkulu abanamabhizinisi abawaqhubayo ezindaweni zaMakhosi.
"Sifisa ukuthi oNdlunkulu bacobelele nabanye abantu besifazane ngolwazi ngoba inyanga(August) yethu lena. Ukuze umuntu wesifazane osemuva angasali emuva ngoba ethi akazi ukuthi yena uzokwenzani. Siyakuqonda futhi ngeke sikhohlisane ukuthi amathuba omsebenzi awekho kodwa ukuzakha nokuzenzela lapho ukhona kumele uvelele," kubeka uNzuza.
"Ezindaweni zaMakhosi kunemihlaba emikhulu esifisayo ukuthi oNdlunkulu basho ukuthi umhlaba ukhona, Masipala nawe sondela nezinsiza ukuze abesifazane bazithuthukise ngokulima," kuchaza uNzuza.