KUBOSHWE OWESILISA OSOLWA NGOKUBULALA USOMATEKISI


NgoLwesine amaphoyisa ophiko olulwisana nodlame lwasematekisini, abophe uMnuz Qaphelani Nyawose (32)  lokubulawa kukaMnuz Mohammed Abdul Hammid.

UHammid kwakulindeleke ukuthi ahlangane nosomatekisi thizeni owayethembise ukumnika imvume yokusebenza kwetekisi yakhe kweminye yemizila. 

UHammid owayehamba nonkosikazi wakhe ngo 17 July 2025, bahamba beyohlangana nalosomatekisi esitolo sokudla esiseMontclair.

 Ngesikhathi befika ngoBMW wabo oluhlaza, unkosikazi wehla esitolo eyothenga washiya indoda yakhe emotweni. Akuphelanga isikhathi esingakanani kwaqhamuka imoto eyiveni nabalisa abane bavulela ngenhlamvu kumaHammid, wafa ngaleso sikhathi endaweni yesigameko.

 AmaMetro Police ayesebenza kulendawo ayibona imoto yezigilamkhuba ihamba ngendlela esolisayo ayilandela. 

Udaba lwabe seludluliselwa emaphoyiseni aphenya ngodlame lwamatekisi, kwagcina kuboshwe uNyawose Kwa A eMlazi ngoLwesine lomhlaka 28 August, uvele enkantolo ngoLwesihlanu luka 29 August 2025.

Icala lihlehliselwe u 5 September 2025. Kanti amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha abasolwa abathathu abangakotholakali.