KUBOSHWE OWESILISA NOWESIFAZANE BEBANJWA NEZIBHAMU
LINDOKUHLE NGCOBO
AMAPHOYISA abophe umsolwa wesilisa oneminyaka engu-38 ubudala nowesifazane oneminyaka engu-63 ubudala. Kulandela ukuthi laba ababili bebanjwe nezibhamu ezingu-6 ezingekho emthethweni endaweni yaseForesthaven, ePhoenix izolo ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda udalule ukuthi abakwasidlodlo balunywe indlebe ilungu lomphakathi elibayise endaweni enezibhamu. Wathi lokhu kuholele ekutheni kubanjwe umhloli weqembu lemigulukudu elibizwa nge-'Bloods'.
"Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi, athole izibhamu ezincane ezimbili ezisuswe izinombolo ezibhalisiwe ngazo, izibhamu zezandla ezimbili nezibhamu ezimfishana ezimbili. Kutholakale nenqwaba yezinhlamvu ebezifihlwe ku-wadrobe osegumbini lokulala. Umsolwa kukholakala ukuthi ushushumbisa izidakamizwa," echaza.
Uphethe ngelithi izibhamu ezitholakale zizophenywa, ukuze kubhekwe amacala ezithinteka kuwo. Kulindeleke ukuthi abasolwa ababoshiwe bavele eNkantolo maduze.