KUBOSHWE OWESILISA (45) NGELOKUSHUSHUMBISA IZIDAKAMIZWA E-OR TAMBO




Kubhimbe uhlelo kowesilisa oneminyaka engu-45 ubudala, uboshwe ngamaphoyisa ngecala lokushushumbisa izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine esikhumuleni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGoli izolo.

Kuvela ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngalo mlisa obesuka e-Hong Kong eChina. Kuthe ngesikhathi etheleka kuleli, abomthetho basesha ibhokisi lakhe lezimpahla, okutholakale kulo i-cocaine.

Amaphoyisa adalule ukuthi lo mlisa ubanjwe ne-cocaine engu- 2 kg, engadayiswa ngenani lika-R800 000. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo kaMantshi yase-Kempton Park maduze, lapho ezobhekana necala lokushushumbisa izidakamizwa.