KUBOSHWE OSOMATEKISI ABANGU 15 NGOKUBULAWA KWABE E-HAILING


AMAPHOYISA KwaZulu-Natal(KZN) asethathe abantu abangu-15 abasembonini yamatekisi namuhla, ukuyobabuza mayelana nempi ephakathi kwabo nabashayeli  be e-hailing. Lokhu kulandela ukuhlaselwa komshayeli we- e-hailing KwaDabeka izolo. 

Ngesikhathi abakwasidlodlo bebelandela umkhondo wayizolo, uholele ekutheni namuhla bathole abantu abangu-15. Kubo okukhona abashayeli bamatekisi  nabanikazi bamatekisi  okusolakala ukuthi bayingxenye yabahlasels umshayeli we  e-hailing izolo. 

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Robert Netshiunda uthi abasolwa botholakale nezibhamu ezingu-12 ezingekho emthethweni, ezisayohlolwa ukuthi awekho yini amacala ezithinta kuwo. 

"Omunye wabanikazi bamatekisi, osolwa ngokuhlasela umshayeli  we e-hailing uxhumane namaphoyisa aphenya leli cala ngokubambisana nenkampani emmele kwezomthetho namuhla ekuseni," kubeka uNetshiunda. 

Ephetha uNetshiunda udalule ukuthi isimo sesibuyele kwesejwayelekile kwaDabeka,  ezeseka ngelithi amaphoyisa aphezu kwezinhlelo zokubuyisa uzinzo.  Abakwasidlodlo bahlele ukuhlangana nabanikazi bamatekisi nabemboni ye e-hailing ukuthola isixazululo.