KUBOSHWE O"ZAMA ZAMA" ABATHATHU EMPUMALANGA
LINDOKUHLE NGCOBO
BASOBISHINI abasolwa abathathu ababoshwe eBarberton, eMpumalanga ngoLwesihlanu.
Amaphoyisa e-Operation Vala Umgodi alunywe indlebe ngomuzi ohlala abamba izimayini ngokungemthetho (ozama zama). Kuvela ukuthi, ngesikhathi abakwasidlodlo begasela kulo muzi, kubaleke uquqaba lwabesilisa lashiya imoto yohlobo lweHyundai H100 emhlophe, ebhaliswe eMpumalanga.
Obambe njengoKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga uMajor General (Dr) Zeph Mkhwanazi uthi kube sekutheleka umnikazi womuzi ehamba ngenye iHyundai H100 emhlophe, ebhaliswe eGauteng. Wathi kube sekuvela ukuthi lezi zimoto ziyathungathwa, njengoba eyodwa yazo(Hyundai H100) yadunwa eLydenburg ngo-April 2025.
"Ngesikhathi kuseshwa lo muzi kutholakala amasilinda egesi amabili, izimoto ezimbili zohlobo lweHyundai H100, i-steel bar, izinhlamvu zokubhodlaza umhlaba ne-cutting torch. Kuboshwe umnikazi womuzi, okuholele ekutheni kuboshwe abanye abasolwa ababili," kuchaza uMkhwanazi.
Abasolwa abaphakathi kweminyaka engu-34 kuya kwengu-39 ubudala, kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseBarberton ngoMsombuluko mhlaka 7 July 2025, ngecala lokutholakala ngezimoto ezintshontshiwe.