KUBOSHWE NEMEYA EBEYIBUHLABILE NGEMPELASONTO


LINDOKUHLE NGCOBO 

OwayenguMeya kaMasipala wase-Endumeni ubalwa phakathi kwabantu abangu-33 ababoshwe ngamaphoyisa ngempelasonto eDundee ngecala lokushayela bephuzile.

Abomthetho bathi lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka umcimbi iDundee July obuhehe inqwaba yabantu kulo nyaka.

Phakathi kwemicimbi ebiqhubeka kubalwa umjaho wamahhashi iDundee July, obuse-Endumeni Horse Racing Track nomcimbi iDundee July Experience, eDundee Battlefield Lodge.

Kuqinisekisiwe ukuthi ngesikhathi beboshwa, lo owayenguMeya uqale wagolozela amaphoyisa. Wathi awanalo igunya lokwenza umsebenzi eDundee, kumele eyosebenze eNewcastle.

Nokho abomthetho baqhubekile nomsebenzi wabo, wagcine eboshiwe njengabanye abasolwa.