KUBOSHWE IPHOYISA NABABILI KWELOKUBANJWA NENSANGU


LINDOKUHLE NGCOBO

KUBOSHWE iphoyisa nabanye abasolwa ababili ngecala lokutholakala nensangu emgwaqeni uR34, eBabanango izolo. Leli phoyisa ebelishayela imoto ebanjwe nensangu, liyilungu lophiko lwe-POP eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda uthi abomthetho bathole umkhondo ngemoto yohlobo lweToyota Rumion emhlophe, okusolakala ukuthi ibithwele insangu isuka KwaNongoma.

"Kubenomkhankaso ophuthumayo, ohlanganisa amaphoyisa aseBabanango, Ulundi, eMahlabathini nophiko lwakwa K9, imoto yabonwa yabe isimiswa. Ngesikhathi kuhlolwa imoto amaphoyisa athole izinyanda zensangu ezingu 31, ezisongwe ngethephu. Abantu abathathu ebebegibele le moto baboshwa ngecala lokuthengisa insangu," kuchaza uNetshiunda.

Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele eNkantolo maduze.