KUBOSHWE INQWABA KWI OPERATION SHANELA





LINDOKUHLE NGCOBO

KUBOSHWE abantu abangu-796 ngamacala ahlukahlukene, ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso i-Operation Shanela 2, e-Akasia, eTshwane izolo. Lo mkhankaso ubuholwa uMajor General Samuel Thine.

Amaphoyisa adalule ukuthi abophe abantu bokufika abangu-60, abangenazo izincwadi ezisemthethweni zokuba eNingizimu Afrika. Kulo mkhankaso abomthetho babophe abashayeli abangu-23, ngokushayela bephuze utshwala.

"Abantu abangu-9 baboshelwe ukudayisa utshwala ngaphandle kwelayisensi. Kuboshwe abangu-15 ngokuphuzela ezindaweni zomphakathi. Abangu-9 baboshelwe ukutholakala benezidakamizwa kanti oyedwa wabo ubanjwe edayisa insangu," ngokusho kwesitatimendi samaPhoyisa.

Abakwasidlodlo baphinde babopha abasolwa abangu 163, okukholakala ukuthi bayathinteka emacaleni odlame okubhekiswe kwabesifazane nezingane.