KUBOSHWE INDODA ENDALA NGECALA LOKWEBA ENKANDLA
UKHALELWE ngamasongo kasigonyela umlisa oneminyaka engu 63 ubudala, endaweni yaseKhombe, eNkandla izolo. Lo mlisa uboshelwe amacala okweba, ukugwamanda nokusebenzisa impahla ngaphandle kwemvumo yomnikazi.
Lokhu kulandela icala eliphathelene nokuntshontshwa kwemishini emkhulu yokusebenza eNkandla, elivulwe isisulu ngoDecember 2025.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi ngesonto eledlule amaphoyisa ophiko olusheshayo esifundazweni ngokubambisana nophiko oluphenya ubugebengu bezimoto Empangeni, bagasele eZululand quarry, eNewark, nokuyilapho ethole khona imishini emibili eyi-excavators nowodwa oyiTLB. Wathi le mishini etholakele ingabiza imali engango R50 million.
"Umsolwa ubengekho kule ndawo mhla kufika amaphoyisa, ube esenza konke okusemandleni ukugwema ukutholakala. NgoMgqibelo kuvulwe amanye amacala eKhombe, afaka phakathi ukugwamanda, ukwebiwa kwemoto nokusebenzisa impahla ngaphandle kwemvumo kamnikazi, ukwebiwa kweloli endaweni yokwakha nokufunwa kwemali kumnikazi weloli," kuchaza uMagwaza.
Eqhuba udalule ukuthi abakwasidlodlo baqhubekile nokuthungatha umsolwa baze bamthola neloli. Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo kaMantshi ngoLwesibili mhlaka 24 March 2026.