KUBOSHWE ABESILISA(4) NGOKUTHOLAKALA NEZIBHAMU


LINDOKUHLE NGCOBO 

BAKHALELWE ngamasongo kasigonyela  abesilisa abane, okuvele ukuthi babanjwe ngamaphoyisa nezibhamu  ezinhlanu, ezingekho emthethweni. Laba besilisa baboshwe ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wamaphoyisa ngaphansi kophiko lweCrime Intelligence,  Amajuba Task Team neDannhauser Tracing Team oluqale kusukela izolo ngoLwesine laphetha namuhla.

Abakwasidlodlo bebelandela umkhondo wowesilisa oneminyaka engu-38 ubudala, obekukholakala ukuthi unezibhamu ezingekho emthethweni emzini wakhe endaweni yaseLeusture Farm, eMadadeni. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uConstable Thenjiswa Ngcobo uthi ngesikhathi amaphoyisa efika kulo muzi, athola owesilisa enezibhamu ezincane ezimbili nesisodwa esikhulu nezinhlobo ezahlukene zezinhlamvu ezingu-48. Wathi lo wesilisa uboshiwe njengoba ephinde watholakala nomfaniswano wamasosha akulele(SANDF) nama-number plate ezimoto.

"Lesi siboshwa sibe sesithathwa sayiswa esiteshini samaphoyisa eMadedeni. Lapho esibekwe khona amacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zintshontshiwe," kuchaza uNgcobo. 

Eqhuba uNgcobo udalule ukuthi ngesikhathi ithimba lamaphoyisa liqhubeka nomsebenzi, lidlulele endaweni yaseSt Chads, eMnambithi nokuyilapho libophe khona owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala. Lo mlisa  usolwa ngecala lokubulala alenze kule nyanga (August) eDannhuaser. UNgcobo uthi lo msolwa utholakale nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-8.

"Athe amaphoyisa mayeqhubeka nophenyo lwawo, labaholela eBlauwbosch, eMadadeni. Lapho kutholakale imoto  eyayisetsheziswa ukuthi kubalekwe ngayo ngesikhathi kwenziwa icala lokubulala eDannhuaser. Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala owayeshayela le moto ube eseboshwa. Lolu phiko olusebenza ngokuzikhandla luphethe ngokusebenza eBlauwbosch lapho elifike labopha owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala utholwe nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-25," kubeka uNgcobo.

Abasolwa abane kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yaseMadadeni maduze. Umsolwa oboshwe eSt Chads kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseLadysmith ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.