KUBOSHWE ABASOLWA NGOKWEBA IMFUYO
LINDOKUHLE NGCOBO
ABASOLWA ababili abaphakathi kweminyaka engu-25 nengu-31 ubudala, baboshwe ngamaphoyisa eBulwer, izolo.
Laba basolwa abangabokufika kuleli babanjwe nezimbuzi ezingu-20 neziklabhu ezingu-11, okusolakala ukuthi ngezokwebiwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi amaphoyisa amise imoto ebibheke eMgungundlovu ayisesha. Wathi ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto, athole imfuyo.
"Ebebeshayela imoto bavezile amaphepha akhombisa ukuthi bavumelekile ukuhamba nemfuyo emgwaqeni. Amaphoyisa enze uphenyo olusheshayo kwevela ukuthi imininingwane ebhalwe ephepheni ingamanga. Lona obebhalwe njengomdayisi uthe, akazilutho ngokudayisela abasolwa imfuyo," kubeka uMagwaza.
Eqhuba uthe abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseHlanganani ngoMsombuluko mhlaka 27 October 2025.