KUBOSHWE ABASOLWA NGOKUZOBULALA IJAJI NOMSHUSHISI KWELOKA MEYIWA


SEKUQINISWE ezokuphepha enkantolo, ePitoli, lapho kuqulwa khona icala lokubulawa kwalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates kanjalo neBafana Bafana uSenzo Meyiwa ngo 2014, October 26.

Kuvela ukuthi ezobunhloli zithole ukuthi enkantolo kukhona abantu abazobulala uJudge Ratha Mokgoatlheng no-Adv George Baloyi ongumshushisi, kanjalo nabaphenyi becala.. 

Ezakadalawana azichithanga isikhathi, zivele zabopha abasolwa zayobahloma ngemibuzo. 

Kuvela ukuthi enkantolo bekukhona nabantu abangajwayele ukubakhona. Omunye wofakazi ugcine ekhala ngokuthi sekuboshwe nabantu afike nabo.