KUBOSHWE ABASOLWA NGOKUSHUSHUMBISA NGEZIDAKAMIZWA


KULINDELEKE ukuthi bavele kusasa, ngoMsombuluko mhlaka 22 December 2025, ezinkantolo ezahlukene abasolwa abane. Laba basolwa baboshelwe amacala okushushumbisa izidakamizwa eThekwini. 

Kuvela ukuthi umsolwa wokuqala oneminyaka engu-20 ubudala, uboshwe ngamaphoyisa endaweni yaseBayview, ngemuva kokutholakala namaphilisi ohlobo lwe-heroin  angu-183 ne-rock cocain engu-16.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi kusukela ngoLwesihlanu ebusuku abakwasidlodlo bebematasa bethungatha abasolwa abashushumbisa izidakamizwa. Wadalula ukuthi ngemuva kokubamba umsolwa eBayview, abomthetho badlulele KwaMashu endaweni yakwa, H. Nokuyilapho kuboshwe umlisa oneminyaka engu-26 ubudala, otholakale ne-cocain engu-89 nomakhalekhukhwini abathathu.

"Amaphoyisa abe esegasela eMorningside, lapho ebophe owesilisa osolwa ngokudayisa izidakamizwa. Ngeshwa ngesikhathi amaphoyisa efika umsolwa ubengekho endlini. Amaphoyisa akwazile ukuthola izinhlobo zazidakamizwa ezahlukene endlini yakhe, okubalwa kuzo irock cocain, cocain powder,  crystal meth ne-mandrax tablets," kuchaza uMagwaza.

Eqhuba uveze ukuthi umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala uboshwe ePhoenix, ngemuva kokutholakala namaphilisi emandrax angu-150  nezinhlamvu zesibhamu esincane ezingu-14.

Umsolwa wokugcina uboshwe ngaphambi kokuba ayodayisa izidakamizwa,  lo msolwa oneminyaka engu-31 ubudala utholakale nezidakamizwa, abomthetho babe sebembopha ngokuphuthuma.