KUBOSHWE ABASOLWA NGEZIDAKAMIZWA KWI MARCH AND MARCH
AMAPHOYISA abophe abasolwa abayithupha bokufika kuleli ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa. Abasolwa babanjwe ebhilidini iPoint Parkade, endaweni yasePoint, eThekwini namuhla.
Lokhu kuboshwa kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho weMarch and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma, elwisana nokufika kwabantu abangenawo amaphepha asemthethweni.
UPhakelumthakathi Ndabandaba ongumunye wabahamba phambili kule mashi, utshele amaphoyisa ngezinsolo zokuthi leli bhilidi liyisizinda sezidakamizwa. Wanxusa amaphoyisa ukuthi angene abheke izidakamizwa ngaphakathi.
"Leli bhilidi lidayisa izidakamizwa, sicela amaphoyisa asibhekele lona. Kunabantu bokufika abakuleli bhilidi abangenawo amaphepha asemthethweni wokuba kuleli izwe. Sicela amaphoyisa asibhekela lona, sinamagama amaphoyisa sebenzisana nabantu abadayisi izidakamizwa," kusho uNdabandaba.