KUBOSHWE ABASOLWA ABATHATHU NGOKUNTSHONTSHA UPHONDO LUKABHEJANE


 
LINDOKUHLE NGKUBOSHWECOBO 

BAKHALELWE ngamasongo kasigonyela abesilisa abathathu ababanjwe nophondo lukabhejane nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni eDumbe, enyakatho neKwaZulu-Natal izolo.

Kuvela ukuthi abasolwa abaphakathi kweminyaka engu-34 ubudala kuya kwengu-50 ubudala bebevele befunwa  ngamaphoyisa. Kulandela ubugebengu okwenzeke ngoLwesihlanu ntathakusa esiqiwini saseDumbe. Lapho abasolwa bafike babamba onogada ababili, babopha izandla, babaphuca izibhamu ezimbili nomakhalekhukhwini. Ngemuva kwalokho abasolwa babe sebedubula ubhejane bawukhipha uphondo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Paul Magwaza udalule ukuthi ngesikhathi abasolwa besematasa ngobugebengu, baphazanyiswe umsindo okhalile, babe sebebaleka endaweni yesigameko bashiya izibhamu eduze kwesidumbu sikabhejane.

"Amaphoyisa abiziwe endaweni yesigameko, afika abasolwa sebebalekile. Amaphoyisa nezinkampani zonogada, basebenze ngokuzikhandla usuku lonke bethungatha abasolwa. Ngokusizwa umphakathi bagcine bebabophile abasolwa abatholakale becashe ehlathini. Abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili okukhona iR5, i-303 nophondo lukabhejane," kuchaza uColonel Magwaza.

Ephetha uveza ukuthi abakwasidlodlo bathathe imoto ebihamba abasolwa. Kulindeleke ukuthi abasolwa ababoshiwe bavele eNkantolo yeMantshi yaseVryheid, kusasa mhlaka 28 July 2025.