KUBOSHWE ABASOLWA ABATHATHU NGOKUDAYISA IZIBHAMU NEZIDAKAMIZWA


LINDOKUHLE NGCOBO 

BAKHALELWE ngamasongo kaSigonyela abesilisa abathathu, abasolwa ngokudayisa izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu. Abasolwa baboshwe ngamaphoyisa namuhla endaweni yaseBramley, eGoli. 

Kuvela ukuthi abakwasidlodlo basebenzise indiza enophephela emhlane, ukuthungatha imoto yohlobo lweToyota Starlet ebihamba abasolwa. 

Nokuthe lapho amaphoyisa ebona le moto, ayivimba ngokushesha. Nokuyilapho kubanjwa khona laba abasolwa. 

Abomthetho baqinisekisa ukuthi bathole isibhamu esingekho emthethweni nensangu eningi emotweni ebihamba abasolwa. 

Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo lwawo ngabasolwa. Alunywe indlebe ngomuzi  oseFourways. Abakwasidlodlo babe sebegasela kulo muzi osendaweni yabadla izambane likapondo. Kuwo okutholakale isibhamu esingekho emthethweni iDM-4 nezinhlamvu.