KUBOSHWE ABASOLWA ABANGU-14 NGOKUTSHALA INSANGU
LINDOKUHLE NGCOBO
BAKHALELWE amasongo kasigonyela abangu-14 abasolwa ngokutshala insangu ensimini eseSpringfield, eBabanango namuhla. Abasolwa babanjwe nensangu engabiza imali engaphezulu kuka-R100 000.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Ntathu Ndlovu, uthi amaphoyisa esiFunda iZululand alunywe indlebe ngensimu etshale insangu.
"Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi, kuboshwe abasolwa abangu-14, kubo kukhona abangu-10 bangaphandle kwakuleli. Kubasolwa kutholakale umfaniswano wamasosha akuleli (SANDF), ucelemba nensangu," kuchaza uCaptain Ndlovu.
Kulindeleke ukuthi abasolwa abaphakathi kweminyaka engu-19 ubudala kuya kwengu-40, bavele eNkantolo yeMantshi eBabanango maduze.