KUBOSHWE ABANGU-51 KUMA MASHI ANGOLWESIBILI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Kuboshwe abantu abangu-51 bakuleli ngesikhathi kuqhubeka imashi yeMarch and March KwaZulu-Natal (KZN). Kulo mkhankaso kuphinde kwaboshwa nabantu abangenawo amaphepha asemthethweni okuhlala eNingizimu Afrika abangu-250.

Lokhu kuvezwe uNdunankulu waseKZN uMnuz Thamsanqa Ntuli, esithangamini sabezindaba, eThe Marine Buildings, eThekwini namhlanje.

Ekhuluma uNtuli uthe kunamamashi angu-20 abengoLwesibili eKZN. Angu-10 ahambe ngokuthula kanti amanye angu-10 abenezigameko zobugebengu.

“Njengoba abantu bekhombisa ukukhathazeka kwabo (Ngodaba lwabokufika abangenawo amaphepha asemthethweni okuhlala eNingizimu Afrika), nathi njengohulumeni sizokuqinisa. Sizobheka emabhizinisini ukuthi ngabe abasebenzi baqashwe ngokusemthethweni yini. Nabantu bangaphandle abahlezi lana sizobabheka ukuthi banazo yini izimvumo,” kusho uNtuli.

Obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa eKZN uMajor General Phumelele Makoba uthi abomthetho bazoqhubeka nokusebenza emkhankasweni weMarch and March, i'Mahambe Thursday' ezobanjalo ngoLwesine. Uphinde waveza ukuthi bengamaPhoyisa bayakhuluma nabaholi be-March and March.


"Kuyilungelo labantu baseMzansi ukuthi bamashe, basho izimfuno zabo. Nathi njengamaPhoyisa kuwumsebenzi wethu osemthethweni ukuthi kufanele kubenokuthula uma bekwenza lokho. Ukuthi sizokwenza kanjani lokho, sisebenzisana(Amaphoyisa) nezinhlaka eziningi ukwenza ukuqinisa ezokuphepha njengamaPhoyisa kaMasipala," kubeka uMakoba.