KUBOSHWE ABANGU-1035 EGAUTENG KUQHUBEKA ISHANELA




LINDOKUHLE NGCOBO

KUBOSHWE abasolwa abangu-1035 ngamacala obugebengu obehlukene,  ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso, iShanela ngempelasonto, eGauteng. 

Obambe njengoKhomishana wamaphoyisa eGauteng uMajor General Mbuso Khumalo uthi izivimbamgwaqo zithele izithelo ezinhle, njengoba NgoMgqibelo kubanjwe abasolwa abangaphezulu kuka-734 ebebekade bethungathwa. Wathi kuphinde kwatholakala abangu-155 ebebefinelwa amacala ahlobene nokuhlukumeza abesifazane nezingane. 

"ETembisa kugqame ubugebengu bokuhlukumeza okubalwa ukubulala, ukushaya, ukuduna izimoto nokubamba inkunzi. Abasolwa abangu-16 baboshelwe ukushayela bephuze utshwala, abangu-11 baboshelwa ukuba kuleli ngokungekho emthethweni, abathathu baboshelwe ukushushumbisa izidakamizwa, kuboshwe umsolwa oyedwa otholakale nesibhamu esingekho emthethweni nabangu-6 baboshelwe ukudayisa utshwala. Sithathe ama-VW Polo amabili anezinjini zokuntshontshwa," kuchaza uGeneral Khumalo. 

Kulindeleke ukuthi bonke ababoshiwe bavele eNkantolo ngokwehlukana.