KUBOSHWE ABADAYISA EMGWAQENI ABANGU 91


LINDOKUHLE NGCOBO 

Sekuboshwe abantu abangu-91 emigwaqweni emikhulu ehlanganisa u-De Villiers Street, eGoli namhlanje. Laba baboshwe ngezinsolo zokuhweba ngokungekho emthethweni kanye nokungabi namaphepha agcwele okuba kuleli.

Lokhu kuqinisekiswe nguMeya waseGoli, uKhansela Dada Morero, ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso omkhulu wokuhlanza idolobha nokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho kamasipala.

Lolu hlelo oluholwa yiziphathimandla zikamasipala zibambisene namaphoyisa e-JMPD naboMnyango wezaseKhaya, lushiye amabhizinisi amaningi okukholakala ukuthi asebenza ngokungekho emthethweni evaliwe. Kwathi nempahla yawo yashaqwa ngenxa yokungalandeli imithetho.